UMengameli weRoyal AM uShawn Mkhize useziphundelele kwizitatimende ezenziwe oyisikhulu seqembu uSinky Mnisi kwinkomfa yabezindaba abeyihlele ePremier’s Hotel namuhla.
UMnisi ukhiphe amahlazo namuhla, wadalula ukuthi uMaMkhize umhlanganyele nabezindaba ngokungawabhuli amahebezi abhalwa ngaye.
UMnisi, obengagayelwe mphako, usole uMaMkhize ngokumlahla ngesikhathi abemdinga ngaso.
UMaMkhize ukhulume no-Andile Ncube namuhla, waphendula kanje:
“Kufanele ngiyinqande yonke lento. Iqembu lami aliyona indawo yamahlaya. Leliqembu likhulu, izindaba ezithinta iqembu lami angeke zilawulwe abezindaba.
Angazi ukuthi uMnisi ukhuluma ngani. Umnyango wami uvuliwe uma efuna ukukhuluma. Angeke ngiphawule ezindabeni engingazazi,” kubeka uMaMkhize.
Ngaphambilini, bekubikwe ukuthi uMnisi umiswe eqenjini ngenxa yokuthatha izinqumo ngaphandle kokukhuluma noMengameli weqembu. Kwavela nokuthi uMnisi waqoka uKhabo Zondo njengomqeqeshi ngaphandle kokuxhumana nabaphathi beqembu.
UMnisi uziphikile lezinsolo, wadalula ukuthi uthathe ikhefu eliyisipesheli eqenjini. Uthi imibiko ebhalwa ngaye imgulisile.
UMnisi uqhubekile wasola iKaizer Chiefs ngokuba amaxoki odabeni lukaDillan Solomons. UMnisi uthe uSolomons ushontshwe yiChiefs kwiRoyal AM.