UGeorge Maluleka uthukile ezwa ukuthi iMamelodi Sundowns angeke iyelule inkontileka yize ibinombandela wokwelulwa.
ISundowns iqoke ukumdedela uMaluleka obehlushwa ukulimala nokuzimuka emzimbeni kuleminyaka emibili ayihlale eqenjini.
Unqobe iDSTV Premiership kabili neSundowns waphinde waqukula iNedbank Cup neMTN 8 kulesizini esanda kuphela.
Udaba lokuchithwa kukaMaluleka lubikwe abeFARPost ngoLwesithathu ebusuku.
Imenenja kaMaluleka uDean Roberts uqinisekise kwabeDiski Times ukuthi lomdlali useshiyile eqenjini.
“ISundowns iqoke ukungawusebenzisi umbandela wokwelula inkontileka kaMaluleka. Sithukile ngesenzo seqembu kodwa uGeorge angeke acasuke. Uyajabula ngethuba lokudlalela iSundowns nezindebe azinqobe neqembu.
Abadlali sebefana nomndeni kuye, kuzoba nzima ukuvuma isimo kodwa sesibheka iqembu elisha azolidlalela,” kusho uRoberts.
Izindaba zokuxoshwa kukaMaluleka ziyathusa kwazise umqeqeshi uManqoba Mngqithi ubesanda kumncoma ngokwehla emzimbeni nokululama ngokugcwele.