Umqeqeshi weRoyal AM uDan Malesela ubongele abadlali ngokufaka umfutho owengeziwe beshaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni wokuqala weDSTV Premiership eChartsworth Stadium izolo.
Igoli leThwihli Thwahla lishaywe uRicardo Nascimento ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile. IRoyal AM ibambe umoya isiwombe sesibili sonke, yagcina iwathathe wonke amaphuzu eChartsworth.
UMalesela uthi akalindele ukuthi bawine ngokudlala ibhola elihle okwamanje.
“Besilindele ukuthi umdlalo uzoba nzima, iKaizer Chiefs iyiqembu elisha. Nathi besihlelele ukuthola amaphuzu amathathu, besingeke sidlale ibhola elihle ngoba iligi isaqala. Bekubalulekile ukuthi sibuye namaphuzu agcwele, ukuqala kahle kusibeka endaweni enhle.
IChiefs iyiqembu elikhulu. Abadlali bahlezi bengaphansi kwengcindezi uma bebhekene neChiefs. Ngiyabonga ngokuzinikela kwabo namuhla, angeke ngicele okudlula lokhu abakwenzile,” kubeka uMalesela ekhuluma nabeSupersport TV.
UMalesela uphinde wachaza ngesinqumo sokushintsha uKabelo Mahlasela sekubuywa ekhefini. Indawo yakhe ithathwe uSphesihle Msomi.
“UMahlasela wenze amaphutha amaningi. Sibone ngathi unengcindezi ngoba wayidlalela iChiefs ngaphambilini. Bengifuna ukumvikela, sivikele neqembu.
Kube ngcono ngoba sikwazile ukuvala iChiefs. Iphoqelekile ukuthi idlale amabhola amade, idlale nasezimpondweni. UMahlasela uzobuya ngamandla emdlalweni olandelayo,” kusho lomqeqeshi.