Sphamandla Gumede 

Kube ncane indawo umqeqeshi weChippa United ehlasela abadlali bakhe esidlangalaleni ekhala ngokuthi bacishe bamhlambalaza. 

IChippa ibilandela ngemuva ngamagoli amabili kwiSwallows kuyiwa ekhefini ngesiwombe sokuqala emdlalweni weDSTV Premiership ngoMgqibelo. Amagoli eSwallows angene esikhathini esingaphansi kwemizuzu elishumi. 

Yize IChilli Boys ibuyile emdlalweni, yabamba iphuzu elilodwa, uMalesela ubengenalo uxolo esekhuluma nabeSuperSport TV sekuphele umdlalo. 
“Ngiphoxekile ngezinto eziningi. Ngiphoxwe ukuthi sidedele amagoli ngesiwombe sokuqala ngesizathu sokwenza amaphutha, okuyinto eyenzeka kabili. Ayilungile neze leyonto. Kodwa siqhubekile nokwenza amaphutha, angiqondi ukuthi kungani abadlali behluleka ukuphasa ibhola. Abadlali benza impilo ibe nzima kubo kanye naseqenjini,” kubeka uMalesela obegane unwabu. 

Amaphuzu amathathu abezokhipha iChippa engozini yezembe njengoba eyibambe kunombolo 13 ngemuva kwemidlalo engu-19. IChilli Boys inamaphuzu angu-17. 
“Sibuyile emdlalweni, salinganisa ngamagoli amabili. Bathole ikhadi elibomvu kodwa abadlali banqume ukwehlisa umgqigqo, bebona sebeqedile. Angazi ukuthi bebekhathele noma kwenzekaleni. 
Kubhede ngisho sengifaka abadlali abasuka ebhentshini, nakhona ngithembe ukuthi bazofaka umfutho kodwa umehluko angiwubonanga,” kuchaza uMalesela. 

UDan Dance uthi amagoli abawadedelile abe yisijeziso samaphutha abawalenzile. 
“Sinamaphutha, sihluleka ukumaka emuva ngoba sinabadlali abalindela ibhola ukuthi lize kubona. Ubu-amesha obunjani lobo? Angithandi ukugxeka abadlali bami, ngiyakuzonda lokho kodwa kunezinto ezivele zibheke eceleni nje. 
Mhlawumbe kukhona asebejahe ikhefu leFIFA Kungenzeka bayaziphumuza, kodwa ukwenza kanjani lokho iqembu lisesimeni esibucayi? Kumele sikhethe izinto ngokubaluleka kwazo. Wonke umfutho ofunekayo kumele ufakwe emdlalweni,” kubeka uMalesela.