Umqeqeshi weMarumo Gallants uDan Malesela ukhala ngobunzima bokugcina izihlabani zeqembu eziyinyama kwamanye amaqembu adlala kuDSTV Premiership.
UMalesela ubekhuluma ngemuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup behlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo.
IGallants ingenelwe yigoli lokugcina sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-119 kwi-extra-time. Umthobanhliziyo ukuthi iGallants izibekisele ngendawo kwiCAF Confederations Cup ngesizini ezayo yize ithole isibhaxu kwiSundowns.
Leliqembu selibhekene nenkinga yabadlali okungenzeka bahambe ngoba bephelelwa yizinkontileka, abanye abafunwa amaqembu amakhulu.
UKatlego Otladisa noNdabayithethwa Ndlondlo bakhonjwa eGauteng ngesizini ezayo. UMiguel Timm uphelelwa yinkontileka ngoJuni, kanti usebhekwe yizesheli okubalwa kuzo iSekhukhune United, AmaZulu ne-Orlando Pirates.
UDan Dance uthi usebambe umoya ngesikwati sakhe.
“Iningi labadlali linezinkontileka neqembu. Akekho umdlali osekuvele ukuthi uzohamba okwangempela. Bakhona abadlali abaphelelwa yizinkontileka njengoMiguel Timm kodwa sizozama ukugcina abadlali.
Kuzoba nzima noma abadlali benezinkontileka neqembu. Kuzoba lula ukuqhubekela phambili uma ngizogcina isikwati engisijwayele. Akufuneki uqale phansi uma ubumba Isitayela eqenjini. Izinto zizoba lula uma singakwazi ukugcina abadlali abaningi. Uhlezi ubambe umoya ngabadlali uma uqeqesha iqembu elintulayo kwizinsiza zokusebenza,” kubeka uMalesela.
UMalesela uthi ukudlala ingcwenga yebhola kuyingxenye ebalulekile ebholeni alifundisa abadlali.
“Ngiyabathethisa abadlali ngokukhahlela ibhola budlabha. Ngifuna badlale ibhola ngenhloso yokunqoba. Kumele bacabange amagoli njalo, okuyinto ebalulekile. Kuyenzeka amagoli engangeni kodwa sizoqhubeka nokuzama.
Kunzima ukushaya igoli uma ubhekene nodonga oluqinile. Angikhumbuli sikhanda amathuba angaphansi kwamane emidlalweni engiyiqeqeshile, sikhanda amathuba abonakalayo,” kubeka lomqeqeshi.