Umqeqeshi weMarumo Gallants uDan Malesela uyajabula ngabakuzuzile kulesizini kodwa usefuna banqobe iNedbank Cup ukuze bezoba nesizini enhle.

IGallants iqede endaweni yeshumi kwiDSTV Premiership, kodwa isenalo ithuba lokuqukula inkomishi kulesizini njengoba izotholana neMamelodi Sundowns kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eRoyal Bafokeng Stadium.

UMalesela uthi sebefuna ukuqeda isizini ngokuqukula iNedbank.

“Lesizini ibihlukile ngoba siyiqale kahle ngisho sesibuye ekhefini le-AFCON. Sibhede ngokudlala ngokulingana emidlalweni eminingi ilandelana, sashaywa nasekhaya, okuyinto embi. Okuhle ukuthi singene kowamanqamu weNedbank, ngiyathemba ukuthi sizoqeda isizini ngokuqukula indebe,” kubeka uMalesela.

UDan Dance uthi sebeqalile ngezinhlelo zesizini ka-2022/23 futhi sebenalo uhlu lwabadlali abazodedelwa ngemuva komdlalo wamanqamu.

“Sesibhekile kubadlali esizobagcina nalabo esizobadedela, angeke ngikhiphe amagama okwamanje ngoba kuziphazamiseka abadlali.

Sifuna abadlali bakhululeke, baphinde bajabule eqenjini kulelisonto. Sizozama ukukhuphula ukuzethemba esikwatini. Kuhle ukuthi kukhuphuke ukuzethemba kubadlali uma nizodlala kowamanqamu,” kubeka uMalesela.

IGallants iyona evikela iNedbank njengoba yayinqoba ngesizini edlule isabizwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila. Bashaya iSundowns kuma-semifinals ngaphambi kokushaya iChippa United kowamanqamu.