Umqeqeshi weRoyal AM uDan Malesela uthi uzowamukela ngezandla ezimhlophe amaphuzu amathathu abawathole beshaya iChippa United kodwa kusekhona izinto ezimcasulile azibone zenziwa abadlali bakhe.

IRoyal AM iqhubeka nomgqigqo wayo omuhle ihlula iChilli Boys ngo 3-1 eGqeberha ngoLwesithathu.

U-Andre de Jongh ubeshisa bhe, wagcina eshaye namagoli amabili kulomdlalo.

UMalesela uthi ithimba labaqeqeshi belingagculisekanga ngezinga lebhola ebelidlalwa ezakhe.

“Asidlalanga kahle. Besihlulwa ukubamba ibhola. Abadlali be beshaya udaka esiwombeni sokuqala, besihluleka nokuhlanganisa amaphasi. Ibhola lethu belingayi phambili. Okuhle nje ukuthi sikwazile ukushaya amagoli.

Obekuzongiphatha kabi ukushaya igoli ngendlela engaqondakali. Umgasho ukuthi igoli liqhamuke nge-free kick kodwa besibheke phambili vele.

Abadlali bahlulekile ukulandela imiyalelo yami esiwombeni sesibili kodwa angibasoli ngoba benze amaphutha, kuyenzeka batatazele. Bekunzima ngoba iChippa ibihlasela ngamandla.

Angifuni sikhalaze ngomdlalo, ngiyajabula ngamaphuzu. Akekho obejabule kubaqeqeshi ngoba siyazu ukuthi iqembu belingenza kangcono. Kodwa iqembu elilwayo libonakala kanje. Kufanele ukhathazeke noma uwinile. Uma ucabanga ngalendlela, neqembu liyakhula,” kubeka uMalesela.

IThwihli Thwahla yilona kuphela iqembu elisanqobe yomibili imidlalo kwiDSTV Premiership.

NgoMgqibelo, leliqembu lizovakashela eKapa, liyobhekana neStellenbosch FC.