Owayengumdlali we-Orlando Pirates neCape Town City usedalule okushaqisayo ngePolokwane City eveza ukuthi usihlalo weqembu wakhipha umyalelo wokuthi bancishwe ukudla kuphiwe izinja ngemuva kokudliwa kweqembu.

UMakola ujoyine iPolokwane City ngesizini ka-2022/23 kulandela ukuhlukana neCape Town City. Wanikezwa inkontileka yezinyanga ezine kuleli qembu wathenjiswa enye yeminyaka emibili uma esize iqembu langena kwiPremiership. IRise & Shine yagcina ikhuphukele kwiPremiership, kodwa uMakola akabange esakhuphuka nayo kungavunyelwana ngenkontileka entsha.

Ekhuluma kwi-Arena Sports Show, uMakola useveze ukuthi ezinye zezinto ezamphoxa kwiPolokwane City ukuncishwa kweqembu ukudla ngoba nakhu lidliwe.

“Ngesikhathi sesibheke ePolokwane [ngemuva kokushaywa yiHungry Lions eKimberly], bathenga ukudla…ngemuva komdlalo bajwayele ukuthenga ukudla, oNandos kanje noma okunye,” kusho uMakola.

“Usihlalo weqembu wayecasukile ngemuva kwenduku esayithola, wayalela imenenja yeqembu ukuthi ingabanikezi ukudla.

“Wathi ‘dlula epulazini lami – unepulazi eLimpopo, ‘unikeze izinja loko kudla.’

“Ngesikhathi ngizwa le nkulumo….angazi noma yinto eyagcina yenziwe yini, kodwa kwaphela ukumhlonipha kwami usihlalo nabantu asebenza nabo ngoba ngezwa kuthiwa yinto yakhona kuleli qembu.”

UMakola uhambe kabi kwiPolokwane City kubangwa imali yomholo ayengayikhokheliwe, kwaphinde kwabanga nenkontileka ayeyithenjisiwe acgina engayisayinanga.