Oyiphini likamqeqeshi kwiSekhukhune United uDonald Makhubedu akawuvali umlomo ngobuhlakani asekuncele kumqeqeshi omusha weqembu uPeter Hyballa. 

UHyballa (48) usayine inkontileka yeminyaka emithathu neBabina Noko eyachitha uLehlogonolo Seema.

Lomqeqeshi, ongowokudabuka eGermany, uzobe eqala ngqa ukupheka iqembu lase-Afrika kwazise uhlome ngesipiliyoni sokuqeqesha eNetherlands, Poland naseSlovakia. 

“UHyballa ungumqeqeshi onolwazi olunzulu. Useke waqeqesha iNAC Breda okuyiqembu elikhulu eHolland. Usebenze nakwinkulisa yeBorussia Dortmund, unolwazi oluningi kodwa usazithobile futhi unozwelo kubantu. Uzoba wusizo olukhulu kwithimba labaqeqeshi, nabadlali bamkhonzile. 

“Umqeqeshi wasivulela isifuba ngesikhathi esafika, wasichazela ngezinto azilindele eqenjini. Kuningi asifundisa khona ebesingakwazi.

“Ungumuntu ozilungele, okuyinto ebalulekile. Izinga lakhe lokuqeqesha liphezulu kakhulu, ngibona ezolisiza iqembu kulesizini ezoqala. Uzokwenza omkhulu umehluko eqenjini. Ngibona ezoba ngomunye wabaqeqeshi bokufika abahlonishwayo kuleli, kufanele simamukele,” kubeka uMakhubedu ecashunwa abeSowetan.

UMakhubedu ungomunye wabaqeqeshi bakuleli abathweswe iziqu zokuqeqesha iCAF B Licence. Lomqeqeshi uthi ufunde okuningi esematasa ngezifundo zakhe.

“Kuyenzeka ucabange ukuthi ungazenzela izinto ngaphandle kokufunda. Kubalulekile ukufunda, nicobelane ngemibono nolwazi ningabaqeqeshi. Ngibuye nolwazi oluningi.

“Ulwazi engilutholile ngizolibuyisela eqenjini. Izikhulu bezingeseka ngisafundela ukuthola iziqu. Kunezinsuku ebengizilova ngesikhathi ngisafunda. Indlela yokukhombisa ukubonga ukuthi ngisize iqembu ngolwazi engilutholile,” kubeka uMakhubedu.