Injini yaMaZulu uMakhehleni Makhaula usecele abaphathi ukuthi basheshise ngokuqasha uBrandon Truter esikhundleni sokuqeqesha iqembu ngokugcwele.

UMakhaula uthi banobudlelwano obuhle noTruter obambe izintambo selokhu kwaxoshwa uBenni McCarthy ngoMashi. UTruter usebeke AmaZulu kwiTop 8 yize kusele umdlalo owodwa kwiligi.

Njengoba kukhonjwa uStuart Baxter esikhundleni sokuqeqesha Usuthu, uMakhaula uti engajabula ukuqhubeka asebenze noBrakkies.

“Ngiyajabula ukusebenza noTruter, uyena okulungele ukuqeqesha iqembu, uyabahlonipha abadlali. Akasiyena umqeqeshi okhuluma kakhulu njengoBenni McCarthy. UBenni uyakhuluma uma engayifuni into oyenzayo uTruter unesizotha, ufuna ukunqoba yonke imidlalo.

Unesitayela esicishe sifane noBenni kodwa ngibona okuhlukile njengomdlali. Kufanele ujwayele ukusebenza nabaqeqeshi abahlukene. Siyibambile indlela kaTruter manje. Siyajabula ukusebenza naye,” kusho uMakhaula.

Yize Usuthu lwaqeda endaweni yesibili ngesizini edlule, kulonyaka izinto zigaye ngomunye umhlathi. UMakhaula uthi amaqembu ayesebambile ukuthi badlala kanjani.

“Amaqembu asebambile ukuthi sidlala kanjani, ayabazi abadlali abashaya amagoli njengo-Augustine Mulenga noLuvuyo Memela noLehlogonolo Majoro. Amaqembu avala uMulenga noMemela, ayazi ukuthi angeke senze lutho.

Nakho ukudlala kwiCAF Champions League kwasiphazamisa ngoba besikhathala kakhulu uma Sibuya emdlalweni wangaphandle. Kuyaphoqa ukuthi ujwayele izimo ezinjalo uma ungumdlali ukuze uzoqina. Noma udlala njalo ezinsukwini ezintathu, kufanele uqine ube umqemane,” kusho uMakhaula.

Usuthu luzophetha iligi ngomdlalo womkhaya neLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.