Isihlabani somculi waseLimpopo uNdivhudzannyi “Makhadzi” Ralivhona usecele uxolo ngengoma yakhe engehlanga kahle kubantu abaphila nokukhubazeka bokungezwa.
Inhlangano emele abantu abangezwa iSouth African sign language digital learning platform imcele ukuba axolise uMakhadzi, ikhala ngokuthi udelele abantu abaphila bengezwa engomeni yakhe esihloko esithi “Jealous Down”.
UMakhadzi utinyelwe yilenhlangano ngemuva kokuba u-Andile Ngidi, ovelayo kulengoma, efake esinye seziqephu zengoma kuTikTok.
Kule-video, uMakhadzi ubonakala esebenzisa ulimi lwezandla ngenhloso yokuchaza inkulumo kaNgidi.
Lenhlangano ikhala ngokuthi uMakhadzi ubeshaya eceleni ngolimi lwezandla.
“Ngokusebenzisa ulimi lwezandla, uMakhadzi akagcinanga ngokudelela usiko lwethu kodwa ufundise nezinkumbi zabalandeli bakhe ukuthi wenza okulungile. Usidelelile singabantu abaphila ngokusebenzisa ulimi lwezandla.
“Abantu abakhubazeke ngokungezwa abazizwa izincazelo ezenziwa ngezandla. Ukuhlekisa ngolimi olunothile emlandweni nangosikompilo kufana nokuhlekisa ngabantu abalusebenzisayo, nobunzima ababhekana nabo,” kuchaza uDieumercy Asan ofundisa ulimi lwezandla.
Njengoba inyanga kaSepthemba iqhakambisa ulimi lwezandla, u-Asan ubona uMakhadzi engageza igama lakhe ngokudlala indima ekufundiseni abalandeli bakhe nesizwe sonkana ngolimi lwezandla nabantu abakhubazeke ngokungezwa.
“UMakhadzi engakwazi ukufundisa abanye abantu ngezingqinamba ezithwelwe abaphila nokungezwa. Engafundisa abantu abangakhubazekile ukuthi bazibandakanye nosiko lwabantu abangezwa. Bekufanele aqashe umuntu ongungoti olimini lwezandla ukuze ezombonisa engomeni yakhe. Lokho bekuzokhombisa ukuthi abavalelwa ngaphandle abanye abantu.
“Kungcono uqashe umuntu onolwazi noma olifundile ulimi lwabantu abangezwa uma uzokwenza into ephathele nolimi lwezandla, okufana nokufundisa ngempilo nosiko lwabangezwa.”
UMakhadzi uxolisile ngengoma yakhe engehlanga kahle kubantu abaphila nokukhubazeka bokungezwa. Uzoxolisa esidlangalaleni ngesonto elizayo, acele kususwe neziqephu ezifakwe kuTikTok.
“Kunezinto ezenza ungazi ukuthi zizohlala kanjani kubantu. Njengomuntu osendimeni kaqedisizungu, bengilingisa kuphela kulengoma, angizitshelanga ukuthi kungahlukumezeka abantu. Ngiyalivuma iphutha engilenzile, ngibonile ukuthi kunabantu abahlukumezekile ngengoma yami.
“Ngizimisele ngokuxolisa esidlangalaleni, bengingaqondile ukuzwisa abantu ubuhlungu, ikakhulukazi abantu abangezwa.
“Ngihlukumezekile ngaphambilini, ngiyabuqonda ubunzima nobuhlungu. Ngiyabona ukuthi akwehlanga kahle kwabanye abantu. Ngiyalivuma iphutha. Ngizoxolisa esidlangalaleni, isitatimende ngizosikhipha ngesonto elizayo,” kusho uMakhadzi.