Intatheli yezemidlalo

Umgadli weMamelodi Sundowns uKeletso Makgalwa uthi uyaziqonda izizathu ezenza abaqeqeshi bangamdlalisi selokhu kuqale isizini ka-2020/21. Ngesizini edlule, uMakgalwa ubambe iqhaza elikhulu kwiDowns, eshaya amagoli abalulekile uma efakwe esuka ebhentshini.

Emidlalweni engu-23, ushaye amagoli ayisithupha, wakhandela ozakwabo amathuba amabili. Ugcine eqokwe njengomdlali osemncane ovelele kwiNedbank Cup. Konke lokhu kwenzeke kusaqeqesha uPitso Mosimane ogcine esulile ekupheleni kwesizini, wayoqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt. Itshe ligaya ngomunye umhlathi selokhu uManqoba Mngqithi noRhulani Mokoena banyuselwa ezikhundleni zokuqeqesha ngokubambisana. UMakgalwa usadlale imidlalo engu-9, nakhona udlaliswa esuka ebhentshini.

Kulemidlalo, isikhathi asitholile sibalelwa kumahora angaphandi kwamabili. Lomdlali uthe akaboni kukhona izinkinga phakathi kwakhe nabaqeqeshi kodwa ifomu yabanye abadlali iyona emvimbela ukuthi athole ithuba. “Angicabangi ukuthi ukuhamba kukaPitso kungiphuthisele ngejezi. UManqoba noRhulani bebekhona sisaqeqeshwa uPitso. Kunzima ukushintsha iqembu eliwinayo, yingakho ngingalitholi ijezi,” kusho uMakgalwa.

UMakgalwa uyingxenye yesikwati sika-Under 23 esibambe ikhempu eThekwini njengoba kulungiselelwa imidlalo yama-Olympic. KwiDowns, uMakgalwa ubanga ijezi no-Aubrey Modiba, Promise Mkhuma, Themba Zwane, Gaston Sirino noSphelele Mkhulise.

“Ngiyazi kumele nginyuse amasokisi ejimini ukuze ngizothola ijezi. Ngizosebenza kanzima. Ngifuna ukudlala imidlalo eminingi kwiSundowns ngoba lokho kuzonginyusela amathuba okuya kuma-Olympics,” kusho lo mdlali.

Ama-Olympics azobanjelwa eJapan kusukela ngoJulayi 23 kuya kumhlaka 08 Agasti.