Imenenja yePro Sport International uMike Makaab usedalule izindaba ezintsha ngesimo somdlali uKobamelo Kodisang okungenzeka abolekiswe yiqembu lakhe iBraga SC.

UKodisang uhlale isikhathi eside eqenjini lama-amesha kwiBraga, waqala ukudlala ngo-Ephreli nonyaka eqenjini elikhulu. Nomqeqeshi uCarlos Carvalhal wahlabeka umxhwele ngoKodisang.

“IBraga iyelulile inkontileka neqembu, lokho ngakudalula ngaphambilini. UKK ungumdlali osezingeni, kuzoba nzima ukumtholela iqembu elisha kodwa ngiyitshelile iBraga ukuthi angeke sivumele uKodisang abolekiswe eqenjini elidlala esigabeni esisezansi ePortugal.

Okungenani asimbuyise eNingizimu Afrika, sikhulume lokho kuphela. Siyahlonipha ukuthi uKK unenkontileka neBraga kodwa sizama ngokusemandleni ukuthola isixazululo.

Angeke siqinisekise ukuthi uzothola isikimu njalo eqenjini elisha kodwa kufanele athole amathuba okudlala. Kungcono abuye kwiPSL kodwa kungumbono wami lokho,” kusho uMakaab ekhuluma nabeGagasi FM.

UMakaab uphinde wadalula ukuthi uKodisang ukhona eMzansi okwamanje, uzobuyela ePortugal ngoJulayi eseyokhempa neqembu lakhe.

“UKK ukhona eNingizimu Afrika kodwa uzobuyela ePortugal eyoqala izinhlelo zesizini entsha neBraga,” kusho uMakaab.