I-Orlando Pirates ibingakasithathi isinqumo esiwujuqu ngekusasa likaNkanyiso Zungu kodwa imenenja yakhe uMike Makaab usedalule ukuthi lomdlali kusengenzeka ahlale eqenjini yize bekubukeka ezodedelwa ezinyangeni ezintathu ezedlule.
UZungu wamiswa ekuzilolongeni neBucs ngoMashi ngemuva kokuboshwa ngecala lokushaya isinqandamathe sakhe yize amacala okuhlukumeza aphinde asulwa ngokuhamba kwesikhathi.
IBucs yathembisa ukuqala uphenyo olunzulu kodwa namanje akukho osekukhulunywe ngoZungu.
UMike Makaab oyimenenja kaZungu utshele abeSABC Sport ukuthi sekwenziwe imizamo eminingi yokubuyisa lomdlali esimeni esilungile.
“Usebuyile eGoli, sizamile ukulungisa indaba yakhe. Ngokubona kwami, uZungu uzobe esadlalela iPirates ngesizini ezayo. Ngikholwa ukuthi uZungu uzoba yingxenye yeqembu ngesizini ezayo, kodwa kusafanele ngixoxe noSihlalo sibone isiphetho.
Kubalulekile ukuthi uZungu alungise indlela yokuziphatha ebholeni. Unethalente elimangazayo. Kufanele aziphathe ngendlela elungile, aqinise ebholeni,” kubeka uMakaab.
UZungu ufike kwiBucs ngoJanuary 2020 esuka kwiStellenbosch, wasayina inkontileka yeminyaka emithathu. Bekunzima ukuthola ijezi isikhathi eside kwiBucs kusukela kusekhona uJosef Zinnbauer. Udlale imidlalo emibili kuphela kulesizini.
“Kufanele akhumbule ukuthi angazikhandela ikusasa eliqhakazile uma elungisa indlela yokuziphatha. Ngiyazi uSihlalo ucabanga kanjani, uyathanda ukusiza abadlali abanezinkinga njengaye uZungu.
Kuzokwenzeka uSihlalo aphelelwe yisineke uma uZungu ehluleka ukulungisa izindlela zakhe. UZungu kufanele aqindisise ukuthi ubusiswe ngethalente elihle, kufanele azikhandle ukuze ezofinyelela ezingeni elibhekwe kuye. Engaya kude kakhulu uma engena kanjalo,” kusho uMakaab.