I-agent kaKabomelo Kodisang, uMike Makaab, isizwakalise ukungenami ngokukhuhliswa kwakhe ibhentshi kwiMamelodi Sundowns, uthi bazobheka ‘kwezinye izindawo’ ukuze kuvikeleke ikusasa lakhe ebholeni.

UKodisang (25) udlale izikhawu eziyisikhombisa kwiBetway Premiership kule sizini. Ubelizwa ngendaba ijezi nakwimiqhudelwano njengoba avela kanye kwiMTN8.

UMakaab akasithandi isimo akuso lo mdlali.

“Sikhathazekile ngesimo sokweqiwa yijezi uKobamelo Kodisang abhekene naso ngoba uwumdlali onekhono elikhulu,” kusho uMakaab.

“Akakanikezwa ithuba lokulwela indawo yakhe eqenjini, kodwa siyakuqonda nokuthi abadlali abanga nabo indawo badlala kahle, neqembu lidlala kahle.

“Ngakho ke sizobuka konke esingakwenza ngoba uwumdlali onekhono okufanele ngabe uhlale edlala.”

Lo mdlali ngoba usakwisizini yakhe yokuqala kwiDowns, kungenzeka abolekiswe kwelinye iqembu lePSL noma elaseNorth Africa njengoba kwenzeka kuThembinkosi Lorch ekhonjwa kwiWydad AC, okulindeleke ukuthi imthenge ngokuphelele ngenyanga ezayo.

UKodisang ubesevele engabizwa kwiBafana Bafana ngaphambi kokuthi abuye kuleli, kodwa indlela alikhuhla ngayo ibhentshi njengamanje kwiSundowns kubeka ngokusobala ukuthi ngeke alithole ithuba lokuzama ukuzibekisela indawo esikwatini esizodlala kwi-Africa Cup of Nations eMorocco.