UMike Makaab oyimenenja kwaPro Sport International uthi ubambe izingxoxo neKaizer Chiefs ngenhloso yokusayinisa abadlali abathathu ebafuna uthuli.
IChiefs idedele abadlali abangu-10 ngesonto eledlule, u-Anthony Akumu wafakwa ohlwini lwabadlali abadayiswayo. Emasontweni amabili adlule, iGlamour Boys yasayinisa uZitha Kwinika no-Ashley Du Preez kwiStellenbosch noSiyethemba Sithebe kuMaZulu.
UKobamelo Kodisang ungomunye wabadlali ababhekwe ngabomvu kwiChiefs yize iqembu lakhe iSC Braga limsayinise inkontileka yeminyaka emibili. Ukusayina kabusha kukaKodisang sekuphoqa izikhulu zaseNaturena ukuthi zishaye iphakethe noma zimboleke lomdlali uma iBraga ihluleka ukumthembisa amathuba okudlala.
Omunye umdlali ogaqelwe iChiefs uKamohelo Mahlatsi oyibamba kwiSwallows. Kuvela namagama abagadli ababili base-Afrika. IChiefs isike yabekelwa ngesimo somgadli oyedwa.
Ngokombiko weGhanaSoccerNet, Amakhosi aseqale izingxoxo nomgadli we-Asante Kotoko uFranck Mbella-Etouga oneminyaka engu-20. UMakaab akafunanga ukudalula igama lomdlali.
“Abalandeli abaningi beChiefs bangibuzile ngomgadli waseWest Africa. Angigcini ngokubeka umgadli waseWest Afrika kuphela kodwa kukhona nelinye ifolosi lase-Afrika engilitholile.
SengiIlziqalile izingxoxo neChiefs ngalomgadli wase-Afrika, ngimfakile nomdlali weSwallows kulezingxoxo. Kukhona nomdlali ozinze ePortugal. Bathathu abadlali engixoxa ngabo neChiefs.
Ngithemba ukuthi singakwazi ukuphothula izingxoxo kubadlali ababili abazokwazi ukuyisiza iChiefs njengoba ibumba iqembu kabusha. Umdlali oyedwa oweSwallows, omunye ukwiBraga, omunye uqhulula amagoli e-Afrika.
Imali ifunwa yiqembu eliphethe umdlali, amalungelo okudayisa alele kwiSwallows, Braga neqembu lase-Afrika,” kubeka uMakaab ekhuluma kwiGagasi FM ngoMsombuluko.