Umdlali obemncane kunabo bonke esikwatini seBanyana Banyana uNthabiseng Majiya usethembe ukuthi isipiliyoni asizuze kwi-Africa Women’s Cup of Nations (WAFCON) sizomsiza kakhulu eminyakeni ezayo njengoba efuna ukuba yisethenjwa seqembu lesizwe.

UMajiya (18) ubonakale emidlalweni emibili kuphela kwiWAFCON, engena esuka ebhentshini bebhekene neBurundi neBotswana esigabeni samaqoqo.

UMajiya uyena owashaya igoli emdlalweni weBotswana owaphela ngo 1-0.

Lesikhwishikhwishi esizalwa ePhilippolis, eFree State, sihlela ukuba yisethenjwa seBanyana eminyakeni ezayo.

“Kuhle ukuba umdlali omncane ekhempini ngoba bonke abadlali bazimisele ngokuthi bakusize. Abadlali abadala banginikeze ulwazi olunzulu. Ngithole isipiliyoni esiningi esizongisiza ngikhule ngoba ngizibona ngiwumdlali osezingeni eliphezulu eminyakeni elandelayo,” kubeka uMajiya ecashunwa abeSowetan.

UMajiya udlalela iRichmond United yaseNorthern Cape KwiHollywoodbets Super League. Lomdlali uthi kufezeke iphupho edlala nezihlabani azikhonzile uThembi Kgatlana noJermaine Seoposenswe.

UMajiya uthi ufuna ukuyodlala e-Europe eminyakeni elandelayo, uthemba ukuthi ama-scout abembheke ngeso lokhozi eMorocco.

“Ngibukela kuThembi koJermaine ngoba bangabagadli nabo. Bekuyiphupho lami ukudlala nabo kwi-WAFCON. Bengifuna ukufunda kubona, lomqhudelwano unginikeze lelothuba. Kufezeke iphupho.

Ngihlela ukusayina neqembu lase-Europe kungekudala, ngiyathemba likhona ithuba elizovela. Ngiyathemba ama-scout abengiqaphile. Ngizamile ukuzinikela kuyona yomibili imidlalo engiyidlalile,” kubeka uMajiya.