Umdlali weSuperSport United uKudakwashe Mahachi uvele eNkantolo eZimbabwe namuhla ecaleni lokusolwa ngokuphahlaza ifoni kasisi wakhe uMeline Mahachi.

UMahachi usolwa ngokuphahlaza lefoni ngenhloso yokufihla ubufakazi obugcinwe kuyo obukhombisa ngokusobala ukuthi uyena owashisa indodana yakhe ngamanzi abilayo.

Lefoni ewuhlobo oluhamba phambili lwe-Iphone XR, ibinezithombe ezifakaza ukuthi uMahachi ubehlukumeza indodana yakhe eneminyaka emine.

UMeline ungufakazi oqavile ecaleni likaMahachi.

Naye uMahachi usesola umyeni kaMeline ngokumshaya ngesikhathi kunesigameko sokulinyazwa kwefoni.

Icala lihlehliselwe umhlaka 5 kuJulayi.