UHarry Maguire ukhale ngokungaqini ngokhakhayi kubadlali beManchester United njengesizathu esibashayise ngeBrighton & Hove Albion emdlalweni wePremier League izolo.

IBrighton inqobe ngo 2-1 e-Old Trafford. Emdlalweni odlule owadlalwa ngoMeyi, iBrighton yashaya I-United ngo 4-0.

UChristian Eriksen noLisandro Martinez banikezwe ijezi okokuqala e-Old Trafford, uCristiano Ronaldo wayibamba ebhentshini.

Ukaputeni uMaguire uthi i-United ihlulekile ukubuya emdlalweni ngemuva kokungenelwa yigoli.

“Umdlalo siwuqale kahle, besiwuphethe. Singenelwe yigoli lokuqala, savele sashayeka. Siyekild ukudlala, iBrighton yawuphatha umdlalo.

Bekungafanele sivume ukulahlekelwa umdlalo ngemuva kokungenelwa yigoli. Kufanele sibe ngcono ebholeni, silahle ibhola izikhathi eziningi esiwombeni sokuqala, ikakhulukazi sesingenelwe igoli. Sibanikeze ithuba lokubuya emdlalweni. Bekunzima kakhulu ukuya ekhefini sishaywa ngo 2-0.

Bonke abadlali bayawazi umsebenzi wabo. Sibhacazile ngesizini edlule. Sekukhona umqeqeshi omusha ozama ukusifundisa ibhola lakhe. Siyahluleka, sivuleke kakhulu,” kubeka uMaguire.

UMaguire uthi kufanele bafunde ukubuya emidlalweni noma bengenelwe yigoli kuqala.

“Kufanele siyilungise lenkinga noma izokwenzeka njalo. Igoli lokuqala lisibuyisele emuva, sikhulume ngokulinganisa esiwombeni sesibili.

Sidlale kahle esiwombeni sesibili, kodwa akwanele. Besingaphansi kwengcindezi yize besiphethe ibhola, kufanele sikhande amathuba okushaya amagoli,” kubeka uMaguire.