UJohn Maduka ulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomqeqeshi omusha weMaritzburg United namuhla.

UMaduka uzoletha ithimba labaqeqeshi abesebenza nabo kwiRoyal AM, okunguDitheko Mototo noSimon Gopane.

UMaduka ufake incwadi yokwesula kwiRoyal AM ngesonto eledlule, walibangisa eMphithi eseyosayina kwiMaritzburg exoshe umqeqeshi u-Ernst Middendorp.

Yize ukusuka kukaMaduka kungaqinisekisiwe okwamanje, oyisikhulu seRoyal uSinky Mnisi utshele abezindaba ukuthi abazibuzele kuyena UMaduka. Lomqeqeshi ubeke iThwihli Thwahla endaweni yesithathu kwiDSTV Premiership, bangena kwiCAF Confederation Cup.

UMaduka uzohamba nethimba lakhe kodwa u-Abram Nteo uzosala kwiRoyal AM ngoba enqabile ukukibangisa eMphithi. UMototo uzoba yisekela, uGopane uzocija onozinti, uNkululeko Monaheng uzoba umlolongi.

IMaritzburg izokwethula abaqeqeshi abasha namuhla emini. Isithangami nabezindaba sizobanjelwa eHarry Gwala Stadium.