Umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka usehlahlele abadlali bakhe indlela ngalokho okufuneka bakwenze uma bezimisele ngokungena kwiCAF Champions League ngesizini ka-2022/23.

UMaduka ubekhuluma nabeSupersport TV ngemuva kokushaywa ompetha beDSTV Premiership iMamelodi Sundowns ngo 3-2 eChartsworth Stadium namuhla.

Lomphumela ushiye iThwihli Thwahla endaweni yesithathu kodwa inomdlalo owodwa osesandleni.

“Sibozile esiwombeni sokuqala. Bekunzima kakhulu ukudlala neqembu elisezingeni leSundowns ngoba abadlali bethu abayisithupha bebebhacaza. ISundowns iyakujezisa uma wenza amaphutha, siqale ukudlala ibhola elihlangene esiwombeni sesibili.

Besinenkinga enkulu odongeni lethu kodwa angibaxeki abadlali. Sidlalise abadlali basesiswini ngoba kulimele izitobha, bazamile kakhulu. Kuyaphoqa ukuthi uqine ndawo zonke uma udlala neqembu elifana neSundowns. Bazokujezisa ngempela uma uhluleka ukumaka emuva, buka okwenzeke namuhla.

Bekunzima ukubuya emdlalweni sesilandela emuva ngo 3-0. Abadlali bazamile ngoba siwashayile amagoli amabili,” kusho uMaduka.

IThwihli Thwahla idinga amaphuzu amathathu kuphela emdlalweni wokugcina ne-Orlando Pirates ukuze izongena kwiCAF Champions League. UMaduka uthi lisekhona ithuba.

“Lisekhona ithuba, umdali uhamba nathi. Besifuna ukuwina namuhla kodwa akwenzekanga. Kufanele siqinise kwiPirates ngoba iyiqembu elinzima. Kufanele siqaphele umdlalo wonke.

Kufanele sidlale ngokuzimisela kuzona zombili iziwombe. Namuhla sibozile esiwombeni sokuqala. Sidlale kangcono esiwombeni sesibili nakhona sekungene igoli lesithathu. Umdlalo wePirates kufanele siwuqale ngamandla ukuze sizowuqeda ngegiya eliphezulu.