Umqeqeshi omusha weMaritzburg United uJohn Maduka usezibeke le umbandela wokuhlangula iqembu empini yezembe, alibeke kwiTop 8 kulesizini.

ITeam of Choice ijwayele ukudayisa izihlabani zayo ukuze izosimama ebhange. Kumasizini adlule, iMaritzburg idayise uLebogang Maboe, Siphesihle Ndlovu, Bandile Shandu, Fortune Makaringe, Thabiso Kutumela noRichard Ofori.

Ukudayisa kweMaritzburg yikho osekuyiqhathe nezembe kulamasizini amabili adlule.

UMaduka uthi ufuna ukuyiqeda indaba yokuvika izembe. Lomqeqeshi uthi kuyamkhuthaza ukubona abadlali abasayiniswe yiqembu.

“Kubalulekile ukuthi sikhande iqembu elizoqeda kwiTop 8. Leliqembu belithwele kanzima kumasizini amabili adlule, sifuna ukushintsha leyonto.

Ngiyakholelwa ekutheni sizoshintsha izinto ngoba sisayinise abadlali abahle kakhulu. Ngiyayibona intshisekelo nogqozi. Sizokwazi ukuqeda kwiTop 8.

Siyilindele ngabomvu lesizini. Siyazi kuzoba nzima kodwa sizozimisela. Sizodlala umdlalo ngamunye. Sizokhanda iqembu elizoqina, lidlale ndawonye. Sifuna ukuqeda kwiTop 8,” kuchaza uMaduka.