Umgadli weRoyal AM uMxolisi Macuphu uthi umdlalo we-Orlando Pirates ubalulekile ngoba sebelwela ukungena kwiCAF Champions League ngesizini ezayo .

IRoyal AM izozibekisela ngendawo kwiChampions League uma ishaya iPirates namuhla. IBucs yona kuzoyiphelela ngamathuba okuyodlala kwiChampions League.

Lamaqembu azotholana eChartsworth Stadium namuhla ebusuku. IThwihli Thwahla inamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-29. Amaphuzu amathathu azoyibeka endaweni yesibili ngamaphuzu angu-49, ilingane neCape Town City ngamaphuzu. IRoyal AM inamagoli amaningi uma kuqhathaniswa neCity.

IBucs nayo igebhele ukuqeda endaweni yesibili njengoba inamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-28. IPirates izoqeda endaweni yesibili ingene kwiCAF Champions League uma ishaya iThwihli Thwahla namuhla, iphinde ishaye iSuperSport United ngoMsombuluko.

UMacuphu uthi kuzoba nzima ukudlala nePirates.

“Abadlali bawulungrle umdlalo wokugcina kulesizini nePirates. Kuzoba nzima. IPirates ibona inethuba lokungena kwiChampions League, nathi sifuna ukulwela leyondawo. Umdlalo wokugcina ubalulekile namalungiselelo ahamba kahle. Siwulungele umdlalo.

Siqhuba kahle, abadlali nethimba labaqeqeshi bayazimisela. Bayasethemba kakhulu singabadlali. Sibumbene eqenjini, siyakwazi ukubambana enkundleni, sizimisele. Ubumbano yilona olusibeke kulendawo esikuyo. Sifuna ukungena kwiCAF ngoba sesisondele. Kungenzeka ukuthi siqede endaweni yesibili,” kubeka uMacuphu.