USibusiso Mabiliso uthi uchitha izinkulumo ngokulimala kwakhe kwiKaizer Chiefs esimchithile.
Ekhuluma nabakwaSABC Sport, uMabiliso uhlalukile ngezizathu zokushiya kwakhe eNaturena yize ebesahlale isizini eyodwa kuphela.
UMabiliso ujoyine ekuqaleni kwesizini ka-2021/22 esuka kuMaZulu. Udlale imidlalo eyisithupha kuphela kwiChiefs.
Lomdlali uthi ukhethe ukuthola iqembu elisha ngoba iChiefs ibimkhuhlisa ngebhentshi wagcina esengasabizwa esikwatini seBafana Bafana.
“Nami bengibona ezindabeni ukuthi ngihlushwa ukulimala, nokuthi ngilimala njalo. Kumasizini amane engiwahlale kuMaZulu, ngalimala kanye, nakhona ngathinteka ithambo, ngahlala izinyanga ezimbili ngingadlali.
Angikaze ngilimale kwiChiefs ngesizini eyedlule. Ngilimale ngesikhathi sisekhempini, bengiqala ukulimala. Kwenzeka kanjani ngoba bengidlala imidlalo engaphezulu kuka-20 ngesizini kuMaZulu?” kubuza uMabiliso.
Ngesikhathi kuhlasele iCovid-19 ekhempini yeGlamour Boys ngoDisemba, uMabiliso ungomunye wabadlali abathinteka.
“Ngaphathwa iCovid ngonyaka odlule, ngabuya emasontweni amabili. Angikaze ngilimale phakathi nesizini. Okungiphatha kabi ukuthi lenkulumo izongiphazamisa njengoba sengifuna iqembu elisha,” kusho lomdlali.
Amarekhodi ami ayakhombisa ukuthi angikaze ngilimale ngaphambilini. Sekukhona amaqembu aseqala ukuhlehla ngoba ecabanga ukuthi ngilimala njalo,” kubeka lomdlali.
UMabiliso usalulama ngokugcwele okwamanje njengoba walimala imasela esekhempini neChiefs.
UMabiliso ufunwa iSuperSport United, Royal AM, Swallows neCape Town City.