Umgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa useveze enye yezinto umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou asazama ukuyilungisa ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
IBucs izoqala isizini kule mpelasonto ngomdlalo weMTN8 nePolokwane City ngoMgqibelo ngo 3 ntambama e-Orlando Stadium.
Leli qembu lilungiselele isizini entsha ngemidlalo yobungani eMarbella Sports Center eSpain, lase lakhuza ibuya kuleli ladlala imidlalo ngasese. Abezindaba bakuhabulile ukuthi iBucs idlale idraw ka 2-2 nesikwati se-Angola esizodlala kwiCHAN, yaphinde yaginqa iChippa United ngo 3-2 kweyobungani.
UMabasa uphawule ngabakwenzayo ukulungiselela isizini entsha.
“Umqeqeshi u-Ouaddou uzama ukusisiza senze kangcono ezindaweni esasibuthaka kuzo ngesizini edlule,” kusho uMabasa ekhuluma nabezindaba. “Uwumqeqeshi ofuna ukubona imiyalelo yakhe ilandelwa, kodwa uyabathanda nabadlali bakhe.
“Uyasigqugquzela ngendlela efanayo njengoJose Riveiro. Akukho kuningi umqeqeshi afuna ukukushintsha kodwa ufuna siwavimbe kangcono ama-set piece, futhi sivale kangcono emuva uma silahle ibhola kade sihlasela.
“Sadliwa kwiCAF Champions League ngenxa ye-set piece. Saya kwiPyramids sangenisa amagoli amathathu kuma set piece, saphuma kanjalo kumqhudelwano.
“Kuyahlekisa ngoba saphuma ngama set piece kwiChampions League kodwa besihamba phambili ekuwavaleni kwiPSL. Kuningi okufanele sikubheke kule sizini.”