Ukapteni omusha weKaizer Chiefs uYusuf Maart ufunga uyagomela ukuthi bazoliqeda ishobolo leminyaka engu-9 beshweba izindebe eNaturena.

UMaart ubejwayele ukugqoka ibhande ngesizini ka-2023/24 kwazise u-Itumeleng Khune ubemisiwe ekuzibandakanyeni neqembu kanti noKeagan Dolly ubexinwe ukulimala isikhathi eside.

IGlamour Boys izifake ehlazweni elibi iqeda endaweni yeshumi kuDStv Premiership ngesizini edlule, yaqopha irekhodi elisha lokuqoqa amaphuzu amancane ngokwenani.

UMaart uthi zizojika izinto kulesizini. 

“Iqembu linabaholi abangu-11 enkundleni kodwa ibhande likakapteni linikezwe mina. Kuyisibusiso ukubekwa njengokapteni eqenjini elikhulu eNingizimu Africa. 

“Sibhekane nobunzima kumasizini amabili adlulile. Ngibona lizokwenza kangcono iqembu kulesizini. Sizibekele umbandela ofanayo nowamanye amaqembu, sizolwela ukubuya nendebe kulesizini,” kuchaza uMaart ekhuluma esekhempini yeChiefs ebanjelwe eTurkey.

UMaart uthi mkhulu umehluko owenzeka eTurkey ngoba bahlolwa yithimba labaqeqeshi elisha. Umqeqeshi uNasreddine Nabi ufike namaphini amahlanu okuyiwona aqala umsebenzi eTurkey ngesikhathi engakafiki.

“Amalungiselelo esizini entsha ahlukile ngoba sicijwa yithimba elisha. Abaqeqeshi basichazela ngesitayela esisha namacebo ebesingawajwayele. Ukuhlelwa kwejimu nokuzivocavoca kushintshile,” kubeka uMaart.

Uhambo lwaseTurkey luphazanyiswe izindaba zokulimala kwabadlali basemuva uBongani Sam no-Edmilson Dove asebebuyile eNingizimu Afrika. 

UDove noSam bazojoyina abanye abadlali abadlali abalimele okukhona kubo uGeorge Matlou, Tebogo Potsane, Dillan Solomons noMduduzi Mdantsane.