Ukapteni weKaizer Chiefs uYusuf Maart uzwakalise okomuntu okungamphathi kabi kakhulu ukuthi usebuye angayiqali imidlalo kuMakhosi kule sizini.
Noma engayiqali yonke imidlalo, uMaart akuvamile ukuthi kuphele umdlalo engangenanga enkundleni nosekumenze wahlanganisa imidlalo ewu-20 kule sizini.
Emdlalweni odlule neStellenbosch FC koweNedbank Cup umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi waqoka ukuqala ngoThabo Cele noNkosingiphile Ngcobo esiswini. Ngaphambi kwalowo mdlalo emdlalweni wabo neMagesi kwakuqale uMaart noNjabulo Blom, kodwa bakhishwa esiwombeni sesibili.
Okwamanje kubukeka uNabi engakabi naso isiqiniseko sokuthi ufuna ukumdlalisa nobani esiswini uCele. Okuzokwenza lesi sinqumo sibe nzima wukubuya kukaSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa obelimele.
UMaart nokho uthi akanankinga nokubuye abekwe ebhentshini.
“Wonke umuntu esikwatini ufuna ukudlala kodwa sizibophezele kwizinqumo ezithathwa wumqeqeshi, kumele umjabulele omunye oqokwayo,” kusho uMaart kwiwebsite yeChiefs.
“Ibhola linjalo, wumdlalo weqembu, sibambisene sonke.
UMaart uqhube waveza ukuthi ulindele umdlalo onzima namhlanje kwiCape Town City abazobhekana nayo eFNB Stadium ngo 19:30.
Uthe abakwaziyo ngaleli qembu wukuthi liyathanda ukugijima, okusho ukuthi iChiefs ingase ihlele ukuqinisekisa ukuthi iyincisha izikhala zokugijima ngemuva kodonga lwayo njengoba yayenza emdlaweni odlule.
NgeSonto iChiefs izobhekana neRichards Bay eKing Zwelithini Stadium ngo-15:30 ntambama.