Umdlali we-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch uthi ubengalindele ukubizelwa esikwatini ngokushesha ngoba ubehlushwa ukulimala kulesizini.

ULorch ufakwe esikwatini esizodlala neMorocco, eRabat, ngesonto elizayo.

“Ngiyabonga kubo bonke abangesekayo. Bekunzima ukudlala kulesizini ngoba bengilimala njalo. Ngiyajabula ngokubuya kwiBafana, ngiwulungele umdlalo.

Ngibona besheshile ukungibiza esikwatini. Bengingalindele kodwa bengazi ukuthi kungenzeka ngibizwe ngoba ifomu ibinyukile.

Isizini iqale kabi ngoba ngilimale umsipha, ngahlala amasonto ayisithupha ngilimele. Ngilimale ihlombe ngesikhathi sengibuya, ngilale izinyanga ezintathu. Ngibuyile ngoDisemba, nomzimba wami ubuzimuka. Bekufanele ngilungise umzimba. Sengiyabuya efomini kodwa angeke ngizifakele ingcindezi. Ngizothatha kancane ngizwe ngibe umqemane, imidlalo emine yokugcina bengisefomini,” kusho uLorch ekhuluma nabezindaba ekhempini yeBafana.

ULorch uthi ukuhambela imidlalo yeCAF Confederations Cup ibakhathazile benozakwabo kwiBucs.

“Umzimba ubukhathele ngoba sidlale kowamanqamu weCAF, sabuya kwiMaritzburg. Bekunzima ukudlala eNigeria ngoba isimo sezulu besingesihle, bekufanele sijwayele.

Ukushaya igoli lokulinganisa kubuyise ukuzethemba kodwa sahlulwa kabuhlungu sekukhahlelwa amaphenathi. Sifunde lukhulu, isipiliyoni sami sizoyisiza iBafana.

Ngizitshele ukuthi ngizozikhandla kakhulu ngemuva kokubona igama lami esikwatini. Imimoya iphezulu ekhempini, bonke abadlali bayafuna ukudlala neMorocco. Iqembu Lina badlali abancane, kudingeka sisebenze kanzima. Kuzoba nzima eMorocco,” kubeka uLorch.