Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi uThembinkosi Lorch ungomunye wabadlali abashaya ingcwenga yamaphenathi eqenjini, yingakho bamfaka ohlwini lwabadlali abazokhahlela emdlalweni wamanqamu weCAF Confederations Cup bebhekene neRS Berkane.
ULorch wayigeja iphenathi, okuyiyona eyadlisa iBucs kulomdlalo. IPirates yashaywa ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. Yize ayigeja iphenathi, uLorch waqokwa njengomdlali ovelele.
Abalandeli abaningi babuza ukuthi kungani uLorch anikezwa iphenathi ngoba wayigeja kowamanqamu weTelkom Knockout ngo-2018 beshaywa iBaroka.
ULorch wabuya ngamandla emdlalweni weDSTV Premiership bebhaxabula iMaritzburg United ngo 4-1. Washaya igoli elilodwa, wakhanda amathathu.
“Sifana nodokotela bengqondo, singabaqeqeshi, sikubheka konke. Angisho ukuthi uLorch waboza emdlalweni. Bonke abadlali abasezingeni bayawageja amaphenathi, ukuthola kwakhe umklomelo womdlali ovelele yize egeje iphenathi ngaye.
Siyawashaya amaphenathi ejimini. ULorch wayekhona ohlwini lwabadlali abazoshaya amaphenathi ngoba uyawashaya ejimini. Kujwayelekile ukuthi umdlali ayigeje iphenathi, angeke simgxeke ngalokho. Ngitshele lokho, wakuqonda naye.
Bekungafanele sishaywe ngaleyandlela kowamanqamu ngoba umdlalo sasiwuphethe, kodwa ibhola linjalo. Angeke uwine imidlalo uma ungawashayi amagoli.
Abadlali sebeyakwazi lokho, sesibheke umdlalo olandelayo weligi. Sesidlalela ukungena kwiCAF,” kubeka lomqeqeshi.
UNcikazi ukholwa ukuthi bekufanele bashaye amagoli amaningi kulomdlalo weMaritzburg.
“Bekufanele sishaye amagoli amaningi. ULorch ugeje amathuba amabili, uJele uyeke igoli ngekhanda noTshegofatso Mabasa uyeke esebhekene nonozinti. Bekumele siwasebenzise lawomathuba,” kusho uNcikazi.