Umgadli weBayern Munchen uRobert Lewandowski uthi akasaziboni enekusasa kuleliqembu.

Ebuzwa abezindaba ngesikhathi iqembu lesizwe lasePoland lilungiselela i-UEFA Nations League, uLewandowski ukubeke kwacaca ukuthi okumhlanganisa neBayern sekuphelile.

Kuvelile ekuqaleni kwenyanga ukuthi uLewandowski wanqaba ukwelula inkontileka entsha eBavaria. Lomgadli owasayina ngo-2014 esuka kwiBorussia Dortmund, usize iBayern yanqoba iligi amahlandla angu-8 kanye ne-UEFA Champions League ngo-2020.

Njengoba inkontileka yakhe iphela ngomhlaka 30 Juni 2023, iBayern ihlalelwe imibandela emibili ngalomdlali, owokuqala ukudayisa noma imdedele ahambe mahhala ngo-2023.

Ekhuluma nezintatheli kwinkomfa, lomgadli ubeke kanje.

“Lowo mbuzo mkhulu. Angithandi ukuzibona kulesimo. Engikwaziyo ukuthi okungihlanganisa neBayern sekuphelile. Angiziboni ngiqhubeka nokudlala kwiBayern.

Sengilinde ukubona izinguquko emasontweni amabili, angifuni ukuqhubeka kwiBayern, ngifuna ukunaka iPoland manje. Ngizosithola isikhathi sokukhuluma ngeBayern uma sekuphele umdlalo weNations League. Angiziboni ngiqhubeka kwiBayern.

IBayern iyiqembu elikhulu, ngiyathemba ukuthi angeke ingigcine ngenkani eqenjini. Ukungidayisa yikhona okuyisisombululo esihle kulesimo,” kusho uLewandowski.

” A transfer is the best solution for all parties.”