Umgadli omusha weSekhukhune United uVictor Letsoalo ubona ezobhekana nenselelo enzima kuleliqembu njengoba efuna ukudlula isibalo samagoli awashaye kwiRoyal AM ngesizini ka-2021/22.
ULetsoalo ushaye amagoli angu-15 ngesizini edlule, wasiza IRoyal AM ingena kwiCAF Confederations Cup.
Lomgadli uthi ufuna ukuqhubeka nefomu efanayo kwiBabina Noko kodwa ulindele inselelo njengoba esezodlala endaweni angayijwayele.
“Kuzoba nzima kakhulu njengoba ngizodlala eqenjini elisha, nabadlali abasha. Ngifuna ukuzimisela enkundleni, ngilwele ozakwethu ngoba kufanele sibumbane.
Sizosebenzisana nozakwethu, ngizozama nokushaya amagoli ukuze sizonqoba imidlalo. Yilokho okubalulekile,” kubeka uLetsoalo esitatimendeni seqembu.
ULetsoalo ubemataniswa nezinkunzi zaseGauteng iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngaphambi kokujoyina iSekhukhune. ULetsoalo uthi kuyamjabulisa ukujoyina iBabina Noko ngoba uzobe edlala kwisiFindazwe sangakubo iLimpopo.
“Ngiyajabula ngokujoyina iSekhukhune, iqembu laseLimpopo. Ngijabule kakhulu, sengilindele ukuqala isizini entsha. Sengilindele ukwazana kangcono nabadlali beqembu ngoba isizini isisondele, sesilungele ukuqala kwayo.
Kufanele sicabange ngendlela yabanqobi sinozakwethu. Kufanele sigqugquzeleke ukuze sizokwenza kangcono kulesizini. Sengifuna ukusebenzisana nozakwethu, silwele ukunqoba imidlalo,” kusho uLetsoalo.
IBabina Noko iphinde yethula abadlali ababili uTashreeq Morris noSiphosakhe Ntiya-Ntiya.
UNtiya-Ntiya uthi bazozama ukungaliphoxi iqembu njengoba limnikeze ithuba lokudlala kwiDSTV Premiership.
“Ngithanda ukubonga iqembu ngokunginikeza ithuba lokudlala, ngizosebenza kanzima ukuze iqembu lizoqeda endaweni ehloniphekile kulesizini,” kubeka uNtiya-Ntiya.