Umqeqeshi weChippa United uKurt Lentjies usethembise ukugqoka amakhokho abuyele enkundleni uma ezakhe sezitholana neTS Galaxy emdlalweni wokugcina weDSTV Premiership kulesizini.
ULentjies uthi uzobe ebungaza ukusindisa iChilli Boys ezembeni.
Lomqeqeshi ubeke kanje ngemuva komdlalo ophele ngo 0-0 bebhekene neSwallows ngoMgqibelo eDobsonville Stadium. Lomphumela ukhiphe iChippa ebungozini bokugawulwa yizembe, yagxumela emaphuzwini angu-29.
“USihlalo wangithembisa ngemuva komdlalo wami wokugcina sibhekene neMaritzburg United ukuthi ngizongena enkundleni imizuzu engu-27 ukuzodlala okokugcina ngci. Ngizodlala imizuzu engu-27, ngibuyele ebhentshini sengizoqeqesha. Ngavumelana kanjalo noSihlalo,” kusho uLentjies ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
ULentjies owathatha izintambo kuGavin Hunt, ujabule ngokusindisa iqembu, ikakhulukazi ngoba ubeqala ukuqeqesha.
“Nganikezwa ithuba maphakathi nesizini. Umsebenzi wazifikela wona. Nganikezwa umdali. Ngakhetha phakathi kokubeka amakhokho ethala noma ngiyaqeqesha. Ngijabule kakhulu ngokuqeqesha, ngibonga nokuthi silivikile izembe, sizokwazi ukubumba iqembu kabusha,” kubeka uLentjies.