USihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi usephawule okokuqala ngesinqumo sokuqasha uDaine Klate njengomqeqeshi omusha weqembu.

Umqeqeshi owayeyibamba uKurt Lentjies akawutholanga umsebenzi wokuqeqesha ngokugcwele yize walisiza iqembu elisindisa ngasezembeni.

ULentjies owaqala isizini ebhaliswe njengomdlali, waqashwa maphakathi nesizini ka-2021/22, okwaphoqa ukuthi abeke amakhokho ethala.

Kwakulindelwe ukuthi uLentjies anikezwe izintambo ngokugcwele kodwa kwamenyezelwa uKlate.

UMpengesi uthi kwamcasula ukuchayiswa uLentjies emnikeza umsebenzi.

“Ngiyakholelwa ekuthuthukiseni nokunikeza abadlali nabaqeqeshi amathuba. Ngiphoxekile kakhulu ngendlela izinto eziphethe ngayo noLentjies, owayengafuni ukusebenzisana nomqeqeshi osemncane. Ngathatha isinqumo esiyingozi ekubeni engenazo iziqu. Kufana nokuthatha uthisha wezingane ezincane, umtholele umsebenzi wokufundisa enyuvesi.

Bekungenzeka abhacaze kodwa ulisizile iqembu, nami ngibone kudingeka ushintsho olukhulu eqenjini. Uyena osichizelile, wakhetha ukuhamba. Ubengafuni ukusebenzisana nomqeqeshi onesipiliyoni. Ubefuna ukuqeqesha eyedwa, akwenzeki kanjalo,” kubeka uMpengesi ekhuluma noThabo Mosia weSAFMSportsON.

UKlate wenze izimanga neqembu leChippa elincane kwiDSTV Diski Challenge ngesizini edlule. IChippa iqede isizini endaweni yesine kwiDiski Challenge, okuwumlando omusha kusukela kwasungulwa lomqhudelwano.

UMpengesi uthi uyameseka uKlate ozobe eqeqesha okokuqala esigabeni esikhulu.

“Sijabule kakhulu ngoDaine Klate. Besiyinhlekisa kwiMDC kodwa ufike washintsha izinto eqenjini. Kufanele simnikeze ithuba. Siyathemba ukuthi sizokwenza kangcono ngesizini ezayo. Iningi labadlali sizobathatha esifundazweni saseGqeberha.

Eminyakeni eyedlule bekubalulekile ukuthi singagawulwa yizembe. Sifuna ukuqala ngenothi eliphezulu, abaqeqeshi sibanikeza imidlalo elishumi ukuze bezozibonakalisa. Sizomeseka umqeqeshi wethu ngoba usemncane,” kubeka uMpengesi.