Owayengukapteni we-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi usephumele obala wabeka umbono wakhe ngokubalwa kukaRulani Mokwena kwabangase banikezwe umsebenzi wokuqeqesha Ezimnyama ngesizini ezayo.

Kuzokhumbululeka ukuthi iBucs isemakethe ithungatha umqeqeshi omusha njengoba isishiywe wuJose Riveiro osejoyine i-Al Ahly njengomqeqeshi omusha.

IBucs ihlalelwe wumsebenzi wokuthungatha umqeqeshi ozokwazi ukuqhubeka nomsebenzi omuhle obuwenziwa wuRiveiro odabuka eSpain.

Ebuzwa ngokubalwa kuka Rulani ohlwini lwabaqeqeshi abangase banikezwe umsebenzi, uLekgwathi uthe akanandaba negama lomqeqeshi.

“Anginankinga nomqeqeshi [uRulani] – uma ezofika athathe iqembu elibeke kwelinye izinga,” kusho yena engxoxweni ne-iDiski Times.

“Buka kwiSundowns, kuhambe uRulani, baqasha umqeqeshi omusha ofike wanqoba iligi wabeka iqembu kowamanqamu weCAF Champions League.

“Sifinyelele kuma semifinal eChampions League kule sizini, ngesizini ezayo sidinga umqeqeshi ozosibeka kowamanqamu aphinde alwele nesicoco seligi, ngoba sinenkinga yokuhluleka ukugcina umgqigqo kwiligi.

“Ngisho ngabe kuza bani, kufanele siqinisekise ukuthi siyameseka njengabalandeli beqembu. Kufanele simbekezelele umqeqeshi omusha njengoba senza kuRuud Krol nakuRiveiro.”

Khonamanjalo, uMokwena ukhonjwa kwiBucs nje kusanda kuvela ukuthi iWydad ibisameshelela ukuthi ahlale eqenjini abe yisekela lomqeqeshi omusha, noma ahlale abe yi-technical director. Uzinqabile zombili izikhundla.