Umqeqeshi we-Everton uFrank Lampard uncome ukunqoba kweqembu lakhe elibuye sekunzima lishaya iCrystal Palace eGoodison Park.
Lomphumela usindise amaToffees ezembeni. I-Everton iqale lomdlalo yazi ukuthi idinga amaphuzu amathathu ukuze izobaleka unomphela ezembeni.
Kuyiwe ekhefini i-Everton isilandela emuva ngo 2-0. Iqembu lasekhaya libuye ngomfutho esiwombeni sesibili, lashaya amagoli amathathu. Amagoli ashaywe uMichael Keane, Richarlison moDominic Calvert-Lewin.
ILeeds United neBurnley angeke besayifica i-Everton njengoba sekusele umdlalo owodwa kugoqwe isizini ka-2021/22.
Yize uLampard ehlale isikhathi eside kwiChelsea enqoba nayo izindebe ezibalulekile esengumdlali, lomqeqeshi uthi ukunqoba kwiPalace kuyimpumelelo enkulu kuyena.
“Kuyimpumelelo enkulu empilweni yami ebholeni. Ngibe nenhlanhla yokunqoba izindebe, ikakhulukazi ngisadlalela iChelsea.
Kunzima kakhulu uma usubhekene nezembe. Kufanele ulwe. Kuyenzeka uhlulwe emidlalweni kodwa uyaqhubeka nokulwa. Abantu bazitshela ukuthi kulula ukudlala iligi.
Ngifike kwi-Everton ezinyangeni ezintathu ezedlule, ngihamba nethimba lami elizimiselayo. Sisebenze kakhulu sibuyisa ubumbano kubalandeli nabadlali. Ngiyaziqhenya ngokuqeqesha i-Everton namuhla.