Sphamandla Gumede

Ushayele abadlali bakhe ihlombe umqeqeshi weChelsea uFrank Lampard beshaya iWolverhampton Wanderers ngo 2-0 emdlalweni wePremier League eStamford Bridge ngeSonto.


Lomphumela uqinisekise indawo yeChelsea emqhudelwaneni we-UEFA Champions League ngesizini ezayo njengoba iqede isendaweni yesine kwiligi seliqoqe amaphuzu angu-66.


Amagoli eChelsea ashaywe uMason Mount no-Olivier Giroud ngesiwombe sokuqala.
ULampard obeqeda isizini yakhe yokuqala njengomqeqeshi weqembu uthi kuyamjabulisa ukungena kwiChampions League.


“Ukungena kwiChampions League kusho lukhulu kimi kodwa iqembu elifana neChelsea akumele lijabulele ukungena kwitop-four. Kungenzeka ukuthi abantu abaningi bebengathembi ukuthi singangena kwiChampions League kodwa kuyancomeka esikwenzile ngokunikeza abadlali abancane nokukhuphula izinga labadlali abadala,” kuchaza uLampard ecashunwa abeSky Sports ngemuva komdlalo.


IChelsea ibidinga iphuzu kulomdlalo ukuze izongena kwiChampions League njengoba amaqembu asembangweni we-top-four iManchester United neLeicester United ebetholene eKing Power Stadium ngesikhathi esifanayo.


IMan Utd inqobe lomdlalo ngo 2-0 wamagoli ashaywe uBruno Fernandes noJese Lingard ngesiwombe sesibili, okuwumphumela oyifake kumqhudelwano weChampions League ngesizini ezayo njengoba iqede iligi ilele endaweni yesithathu.


“Baningi abadlali engifike ngingabazi kahle. Bekunzima kwazise besilahlekelwe umdlali osezingeni eliphezulu u-Eden Hazard. Sinomdlandla eqenjini futhi sisebenza ngokuzikhandla. Ithimba labaqeqeshi lifuna ukukhula njalo. Inselelo ukuthi sibone esingakwenza ngesizini ezayo,” kusho uLampard.


ULampard ubeke unozinti uKepa Arizzabalaga ebhentshini, indawo yakhe yathathwa uWilly Caballero. Ebuzwa ngekusasa likaKepa, lomqeqeshi uthe ukubeka lonozinti ebhentshini akuchazi ukuthi akamthandi. Imibiko iveza ukuthi uLampard ufuna ukudayisa lonozinti ovuza amagoli kwazise amahebezi athi ubudlelwano phakathi abusekho buhle.


IChelsea inethuba lokunqoba inkomishi njengoba izotholana nezimbangi i-Arsenal kowamanqamu weFA Cup ngoMgqibelo eWembley.


EzikaLampard zibhekene nengwadla njengoba kusamele zitholane neBayern Munich emlenzeni wesibili weChampions League ngo-Agasti. IChelsea yahlulwa ngo 3-0 emlenzeni wokuqala e-Allianz Arena ngoMashi.