ULyle Lakay ufihle ukubhuqa ekhuluma ngokubizwa esikwatini seBafana Bafana esizodlala neMorocco kowokuhlungela i-AFCON 2023.

ULakay ukhulume ngamagoli awashaye njengesizathu ebesimenza afanelwe ukuqokwa njengomdlali wasemuva ovelele kwiDSTV Premiership kulesizini ephelile.

“Kungithusile ukuqokwa njengesitobha esivelele. Ngokujwayelekile kubizwa izitobha ezodlala phakathi nenkundla. Amagoli engiwashayile nalawa engiwakhandile yiwona agisizile. Nokuvala amagoli emuva kungenze ngahlabana ngomklomelo. Kuyangigqugquzela, ukushaya amagoli alinganayo nangesizini edlule kuyinto enhle,” kubeka uLakay.

ULakay ushaye amagoli amane, wakhanda angu-9 emidlalweni engu-40 kulesizini. Ubeyinsika eqenjini leDowns elinqobe iMTN 8, DSTV Premiership neNedbank Cup kulesizini yize eseneminyaka engu-30.

Abadlali abaneminyaka engu-30 kuya phezulu banokudeleleka, babukwe njengabantu asebephelelwe ushatini. ULakay uthi akekho mdala yena, kunalokho ugqugquzelwa abadlali base-Europe abagijima ngisho beneminyaka engu-35.

“Angiboni ukuthi ngimdala. Ngisasemncane. Ngiqale ukudlala ibhola ngo-2009, abanye abantu bathi sengimdala. Imizekelo siyibona njalo kwi-UEFA Champions League. ULuka Modric oneminyaka engu-36 usanda kuqukula iChampions League neReal Madrid.

Labo badlali sebekhululile ngokweminyaka. UThiago Silva uneminyaka engu-37. Ibhola selihamba ngenye indlela manje, abadlali bayakhombisa ukuthi iminyaka ayisho lutho uma usakwazi ukugijima,” kusho uLakay.

IBafana izobhekisa amabombo eRabat njengoba iyobhekana neMorocco esibayeni sayo ngomhlaka 7 Juni. ULakay uthemba ukuthi bangabuya nomphumela ogculisayo eMorocco ngoba sebenesipiliyoni sokudlala ngaphandlem

“Sifunde okukhulu emdlalweni weFrance. Kuzoba nzima ukudlala neMorocco ngoba inabadlali abaningi abase-Europe. Siwulindele umdlalo. Sizobuya nomphumela ogculisayo uma sizolalela umqeqeshi uHugo Broos,” kusho uLakay.