Phumelele Nxumalo

Uqhakambisa ukuzimisela nokungaliphonsi ithawula uThando Magane (34) ongumlimi okhiqizela izitolo ezinkulu amaqanda obalwa nabahamba phambili kuleli. UThando ungumsunguli wepulazi elikhiqiza amaqanda iFresh Nest Farming, alisungule ngo-2014 eliseShongweni Valley, eHillcrest.

Lo somabhizinisi wakhetha ukushiya umsebenzi wakhe wasebhange ayewenza ngenxa yokuthanda imboni yezolimo. Uthe, ukungaphumeleli ngesikhathi esaqala ebhizinisini lakhe lezinkukhu yikona okwamgqugquzela ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuze lokho akufunayo kube yimpumelelo.

“Yonke le minyaka eyishumi ngisebhizinisini lezinkukhu ngike ngehluleka, ngaphoxeka, izinto zangangihambeli ngendlela engifisa ngayo, yingakho ngathatha isibophezelo sokuthi angeke ngiyeke ukukhuluma ngokuhluleka kwami ngoba yikona okungenza lo somabhizinisi ozimele engiwuyena namuhla,” kusho uThando.

Uthando lwakhe lwemboni yezinkukhu alugcini nje ngokuthi akhiqize amaqanda, kodwa yilo olumenze waqala iFresh Nest Poultry Farm Consultants, okuyilapho asuke efundisa abanye abanothando lwezolimo kabanzi ngokukhulisa izinkukhu bakhiqize namaqanda.Phakathi kwezitolo aziphakela amaqanda singabala, iMugg & Bean, Wimpy, Bread Ahead, Spar, kanye nezitolo ezisendaweni.

UThando unabasebenzi abane abaqashe ngokuphelele kanye nabayitoho epulazini lakhe. Inkampani yakhe iyatholakala ezinkundleni zokuxhumana kuFresh Nest Poultry.