Umgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa unethemba lokuthi bacoshe ulwazi oluningi eSpain oluzobasiza bamelane namaqembu aqatha ngamandla kweyokuhlungela iCAF Champions League.
IPirates inyuse amathemba kubalandeli bayo ngokubuya nemiphumela egculisayo ekhempini ebibanjelwe eSpain.
Emidlalweni emine, ezikaJose Riveiro zixebule iSevilla ngo 2-0, zadlala ngokulingana zibhekene nePlymouth Argyle neGranada ngokuhlukana.
IBucs, eyabhajwa emzuliswaneni wesibili ibhekene neJwaneng Galaxy yaseBotswana ngesizini ephelile, izotholana neCNaPS Sports yaseMadagascar kumzuliswano wokuqala ngo-Agasti.
UMabasa, oshaye amagoli amabili behlulwa yi-Al Sadd kowokuvalelisa, uthi isipiliyoni abasithole kuloluhambo sizosiza iqembu kwiChampions League.
“Ngigculisekile ngokwenziwe yiqembu kwikhempu ebibanjelwe eSpain. Sidlale kahle, nemiphumela ingijabulisile. Bekusebenza amandla, okuyinto evamile ukwenzeka e-Afrika. Sesikulungele ukumelana namaqembu athembele emandleni kwiChampions League,” kuchaza uMabasa ecashunwa abeSowetan.
UMabasa uthi ukuhlulwa yi-Al Sadd kwabavula amehlo, baqikelela ukuthi bayafunda emaphutheni abawenza.
“Kwasicasula ukuhlulwa emdlalweni wokugcina (Al Sadd) ngoba sasifuna ukuwina yonke imidlalo. Akusenani ngoba bekuwumdlalo wokulungiselela isizini entsha, kufanele silungise amaphutha esawenza,” kusho uMabasa.