Umqeqeshi ochithwe yiSekhukhune United izolo u-Owen Da Gama uthi uhambe kuleliqembu ngoba ubehluleka ukusebenzisana nomunye umqeqeshi uMacDonald Makhubedu.

ISekhukhune simkhiphe isitatimende izolo, siqinisekisa ukuthi uDa Gama usexoshiwe yize ejoyine iqembu ngo-Ephreli.

Ekhuluma nabeSowetan, uDa Gama uhlalukile ecacisa ukuthi akahambisani nokuqeqesha ebambisene nomunye umuntu.

“Inkontileka ibizohlala izinyanga ezimbili, indaba yokuqeqesha nomunye umuntu ingihlulile. Sizamile kodwa bekungavumi ngoba mina noMakhubedu sicabanga ngezindlela ezingafani. Sizamile khona, kwalunga kwezinye izindawo.

Uma ubheka iMamelodi Sundowns, uyabona ukuthi uManqoba Mngqithi noRulani Mokwena bayazwana ngoba baqala bengamaphini kuPitso Mosimane, basezingeni elilodwa yikho bekwazi ukusebenzisana,” kusho

UFadlu Davids noMandla Ncikazi baqala ngokuqeqesha kuqala, basezingeni elifanayo. Bekungeke kulunge lana,” kubeka uDa Gama.

UDa Gama uthi kuyamjabulia ukubona ukuthi iqembu ligcine selishaya ibhola elicokeme sekuzophela isizini.

“Ngifike iqembu libhekene nesomiso samagoli, sishaye amagoli amabili emdlalweni wokugcina kulesizini, izinto bezilunga. Ngiyajabula sisebenze kahle, ngilifisela okuhle kodwa iqembu. Iqembu linabadlali abasezingeni, bazoqhubeka nokuzimisela.

Ngizobona ithuba elivelayo. Angikaze ngihluleke njengomqeqeshi. Irekhodi lami liyazikhulumela, sizobona izinto ziqhubeka kanjani,” kubeka lomqeqeshi.