UMengameli weRoyal AM uShawn Mkhize ungene ezintangeni ngesikhathi ebuzwa ngezindaba zikumiswa emsebenzini koyisikhulu seqembu uSinky Mnisi.
Endaweni ebidinga impendulo ecacile ngokumiswa kukaMnisi, uMaMkhize uvele wazikhulumela ngoColonel Sanders ongumnikazi we-recipes esetshenziswa kwaKentucky Fried Chicken (KFC).
Ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide ngesonto eledlule, uMaMkhize ubeke kanje:
“Wena wazi ukuthi uMnisi umisiwe, asikaze siyikhulume leyonto. Angeke ngiwuphendule lowombuzo, ngoba uyazifanela nendaba kaVictor Letsoalo. Abezindaba bangakhuluma noma yini abayifunayo. Ngizobiza isithangami sabezindaba uma kukhona izindaba ezizodalulwa ngoyisikhulu seqembu.
Ngijwayele nokuhambela iziteshi zomsakazo ezahlukene. Ngizokhuluma uma kukhona udaba oluphuthumayo. Okwamanje ngizowuziba lomsindo,” kubeka uMaMkhize.
Ngesikhathi uMarawa eqinisa ngodaba lukaMnisi, uMaMkhize uvele wacasha ngesithupha.
“Uchaza ukuthini, unalo ulwazi lokuthi uyeza emsebenzini? Oyisikhulu akafiki emsebenzini, akavuki ekuseni azosebenza. Loludaba lulungiswa ngaphakathi kwiRoyal AM, angeke ngikudalule kwabezindaba.
Angisoze ngaphahluka ngikhulume ngokuthi Isikhulu seqembu sisebenza kanjani. Awukaze wayibona I-recipe yaseKentucky. Angeke bakutshele ukuthi basebenzisa ziphi izinongo. Angeke ngikhulume ngezimfihlo zeRoyal AM emphakathini.