Isimemezelo sikaSihlalo weRichards Bay uJomo Biyela oqinisekise ukuthi iqembu alikho endalini sibuyise ithemba kubalandeli kubadlali beqembu abasafisa ukuzakhela igama kwiDSTV Premiership.
UJomo uqinisekise lenkulumo ngesikhathi iqembu selijabulela ukunyukela esigabeni esiphezulu sebhola kuleli. IBay idlale ngokulingana neCape Town Spurs, okuwumphumela obaqinisekise njengoshampeni beGladAfrica Championship.
UKhetha Shabalala oyisitobha seBay ubonge uJomo ngokweseka iqembu.
“Siyajabula kakhulu ngesimemezelo sikaSihlalo. Sinethuba lokufeza izifiso zethu, uSihlalo uyasibonga ngokuzikhandla kwethu kulesizini.
USihlalo usixhase kakhulu kulesizini. Noma engagxambukeli emsebenzini kamqeqeshi, kuyenzeka afike ejimini ezosikhumbuza ngezinhlelo zeqembu. USihlalo usinikeza namabhonasi uma siqhuba kahle,” kusho uShabalala.
UShabalala ubeyingxenye yodonga oluqinile lweBay, oludedele ingcosana yamagoli uma kuqhathaniswa namanye amaqembu kwiligi. UShabalala uthi ubunzima ababhekane nabo maphakathi nesizini bukhande ubumbano eqenjini.
“Isizini ibinzima ngoba imidlalo yonke ilukhuni kuleligi. Bekufanele siqinise idolo yize besihlaselwe ukulimala nokugqoza kwemiphumela.
Sisizwe ukunyusa igiya emidlalweni eminingi, nesikimu sethu besishintsha kancane,” kuchaza uShabalala.