Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ubemvikela uNkosana Mbuthu ngokumgcina enkundleni noma edlisele iqembu ngephutha elibucayi benenebulwa yiYoung Africans SC ngo 4-0 emdlalweni weToyota Cup ngeSonto.

Ukulimala kukaBongani Sam no-Edmilson Dove kwesokunxele emuva kunikeze uMbuthu (19) ithuba kulomdlalo obubanjelwe eTotoya Stadium. 

UMbuthu uzifake enkingeni enza iphutha eliholele kwigoli lesibili leYanga kungakayiwa ekhefini. 

UNabi uthi ukukhipha uMbuthu bekuzomqeda ukuzethemba.

“UMbuthu ungumdlali osemncane ngokweminyaka. Ngikholwa ukuthi uzoba nekusasa eliqhakazile. Besingenaye umdlali wasemuva kwesokunxele, sibone engakwazi ukudlala. Iphutha elenzekile lijwayelekile ngoba umdlalo osezingeni eliphezulu akawujwayele. 

“Angimkhiphanga ngoba ubezophelelwa ukuzethemba. Ngijabule ngebhola alidlalile. Ulahle ibhola eliholele kwigoli kodwa lezinto ziyenzeka ebholeni. Ukumkhipha bekuzomlimaza ukuzethemba. Kuyijoka lami ukumvikela, ngimsize abe umdlali ongcono ngokuhamba kwesikhathi,” kubeka uNabi ekhuluma nabeSuperSport TV.