IManchester City ngoLwesibili ntambama iqinisekise ukuthi isivumelene neBorussia Dortmund ukusayinisa umgadli u-Erling Haaland. Osekusele nje ukuthi iCity ivumelane nomdlali ngezinto ezifana nomholo namabhonasi.
UHaaland unamanqaku awu-21 kiwBundesliga kule sizini kanti usezakhele udumo ngokungayibheki inethi. ICity isivalele amagoli awu-89 ngaphandle komgadli ohlala ebhokisini kule sizini kodwa abahlaziyi abaningi babona isashoda ngaloluhlobo lo mgadli ukuze inqobe isicoco seChampions League.
Iqiniso wukuthi iManchester City inalo loluhlobo lo mgadli, igama lakhe uGabriel Jesus, uneminyaka ewu-25. Ngokubona kwami lo mdlali uwumgadli osezingeni eliphezulu emhlabeni futhi uma enganikezwa ijezi adlaliswe ebhokisini engawavalela amagoli afunwa yiCity, kodwa ke umqeqeshi weCityzens uPep Guardiola uncamela ukubuye amsebenzisi ophondweni, okuyindawo angayithandisisi.
Kuke kwasabalala amahlebezi okuthi lo mdlali usevumelene ne-Arsenal, okwathi engasabalala waqaliswa umdlalo wavalela amagoli amane kuwo beshaya iWatford ngo 5-0. Abekho baningi abagadli asebevalele amagoli amane emdlalweni owodwa wePremier League, lo mdlalo uwodwa uwubufakazi bokuthi uyingozi kangakanani uJesus.
Kuleli sonto iphinde yaqina imibiko ekhomba lo mdlali kwiqembu eliphekwa wuMikela Arteta, obeyiphini likaPep kumasizini amabili edlule kwiCity. I-Arsenal inomgadli oyedwa ohlala ebhokisini okwazi ukuvalela ibhola enethini njengamanje, u-Eddie Nketiah (22) osezivezile ukuthi imfanele inkontileka entsha kuleli qembu noma eshelwa amanye amaqembu okubalwa kuwo iNewcastle neWest Ham.
UJesus uwumdlali ongcono kunoNketiah. Ngaphezu kwalokho, uma esayina kwi-Arsenal uzoyiqala cishe yonke imidlalo, njengoba leli qembu lihlela ukudayisa uPierre-Emerick Aubameyang kanti noLacazette angase adedelwe, uma egcinwa uzohlalela ukuhola intsha njengobhuti omdala.
Ngaphandle kukaJesus, ukufika kukaHaaland kungaba yisiqalo sokushintshwa kwabadlali iCity ehlasela ngabo. URaheem Sterling noRiyard Mahrez nabo bazolulwa ngamanqe njengoba kuvela ukuthi uPep angase abheke abanye abadlali abahlaselayo ophondweni abangcono kunabo, noma kungaveli ukuthi ngobani labo. USterling naye kuvela ukuthi u-Arteta uzimisele ngokumshelela i-Arsenal uma kuwukuthi akasadingeki kwiCity.