Isitobha esisha se-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi uthi ukudlalela iqembu elikhulu njenge-Orlando Pirates kuchaza ukufezeka kwephupho lakhe.
USibisi (26) ujoyine iBucs esuka kwiGolden Arrows. Usayine le ukuzovala izikhala ezishiywe izitobha ezingasekho uHappy Jele, Ntsikelelo Nyauza noThulani Hlatshwayo.
Lomdlali uthi usebone izinto eziningi angazijwayele kusukela efike eMayfair.
“Kuyisibusiso ukudlalela iPirates. Ngisho emaphushweni ami, angikaze ngiyibone iPirates. Umehluko mkhulu. Bekungenzeki ukuthi sibambe amakhempu kwi-Arrows uma kuzoqala isizini. Kuyenzeka sithwebulwe izithombe, okuyinto engingayazi. Kuhlukile khona, kufanele ngikujwayele lokho,” kubeka uSibisi ecashunwa i-website yeqembu.
USibisi uthi ukubona igenge ayesebenza nayo kwi-Arrows uMandla Ncikazi noNtsako Makhubela kumsizile washeshe wajwayela eqenjini.
“Kulula kakhulu ngoba ngifice uNcikazi noMakhubela. Bonke abadlali bangamukelile. Ngesikhathi ngifika okokuqala ejimini, ngabingelelwa uPaseka Mako owangitshela ukuthi “UNkulunkulu mkhulu” ngoba kudala ezimisele ngokudlala nami eqenjini elilodwa,” kubeka uSibisi.
Lomdlali uthi akumthusi ukujoyina iqembu elinombango wejezi oshubile njengePirates ngoba lokho kusiza abadlali banyuse izinga.
“Ushubile umbango wejezi kodwa lokho kukhuthaza abadlali. Noma ngabe ubani odlalayo, kuhlezi kukhona umdlali olindele ithuba,” kubeka lomdlali.