Umqeqeshi weMaritzburg United uJohn Maduka ukubeke obala ukuthi kufanele bazinuke amakhwapha bebodwa eqenjini ngemuva kokuxetshulwa iKaizer Chiefs ngo 3-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo.
Lomphumela ushiya iTeam of Choice inephuzu elilodwa emidlalweni emibili kwiDSTV Premiership. Isihleli ngaphansi kwengcindezi yokubuya namaphuzu agcwele ngoLwesihlanu uma seyamukela iSwallows eHarry Gwala Stadium.
“Kufanele sizisole thina. Siqale ngenothi eliphansi, senza amaphutha asifakele ingcindezi. Angiboni ukuthi iChiefs isihlulile emdlalweni kodwa sijeziselwe amaphutha esiwenzile,” kubeka uMaduka ekhuluma nabeSupersport TV.
Njengoba imidlalo yeligi ilandelana eduze, uMaduka uthi angeke basole ukusondelana kwemidlalo njengesizathu esibabozisayo.
“Abadlali bami bashaye udaka, angeke ngikhale ngokuthi imidlalo isondelene eduze ngoba neChiefs idlale imidlalo elinganayo neyethu.
Wonke amaqembu anemidlo esondelene, kufanele sikujwayele lokho. Kuyaphoqa ukuthi sisebenzise abanye abadlali. Sisayinise abadlali abambalwa, kufanele bathole ijezi kulemidlalo elandelayo. Ngizoba nenkinga uma ngiqhubeka nokusebenzisa abadlali abafanayo.
Abanye abadlali bakhathele, laba abaluleme ngokugcwele bazodlala, kuphumule abanye,” kusho lomqeqeshi.
UMaduka uthi isizathu sokuhlulwa kwezakhe yingoba bangene enkundleni bengazethembi.
“Sidlale amabhola abengakhombisi ukuya phambili uma silisusa emuva. Yingakho ngenze izinguquko eziningi esiwombeni sesibili, ngenhloso yokufaka umfutho uma kuyiwa phambili.
Kuzothatha isikhathi ukuthi abadlali bafundane ngoba bajwayele Izinhloso zebhola ezingafani. Lokho kudinga isikhathi. Angeke ngivike ngalokho.
Inkinga yethu ukuthi senze amaphutha amaningi ezindaweni obekungafanele ukuthi signage kuzo. Sithathe izinqumo ezingaphusile, kufanele senze kangcono, sifunde ukudlala emdlalweni, hhayi ezikhathini ezincane,” kubeka lomqeqeshi.