Umqeqeshi weGolden Arrows uVusumuzi Vilakazi uthi isethenjwa sabo uPule Mmodi ubeqaqanjelwa inhliziyo ngemuva kokungaphumeleli kwezingxoxo phakathi kweqembu lakhe neKaizer Chiefs ebimfuna uthuli.
UMmodi (29) ubekhonjwa kwiChiefs ngenyanga edlule kodwa indaba igcine iphelele emoyeni ngemuva kokuba lamaqembu engafinyelelanga kwisivumelwano ngemali.
UMmodi wayekade etshele abezindaba ukuthi usekulungele ukudlalela iGlamour Boys.
UVilakazi uthi uMmodi usekwamukelile ukubhuntsha kwendlela yeChiefs yize ebephatheke kabi ekuqaleni.
“Bekunzima ekuqaleni, ngizokucacisa lokho. Ngesikhathi Sibuya esontweni lokuqala, uMmodi ubephatheke kabi emoyeni ngoba wayezitshela ukuthi uzojoyina iChiefs. Ngimkhumbuzile ukuthi iqembu alilwisani naye,” kubeka uVilakazi ekhuluma emcimbini wokwethula kwesizini ka-2022/23 yeDSTV Premiership eRandburg ngoLwesine.
“Neqembu lalifuna ukumdedela uPule uma kuzokhokhwa imali eyayifuneka. Iqembu lizamile ukumsiza uPule kodwa akuhambanga kahle. Useluleme manje, usamukelile isimo, usekulungele ukudlala ngesizini ezayo. UPule usebuyelile egiyeni lakhe. Ukube besinomdlalo kusasa, uPule ubezosithola isikimu,” kuchaza lomqeqeshi.
Lomqeqeshi uthe ukulahlekelwa ukaputeni uNkosinathi Sibisi osejoyine i-Orlando Pirates, akusiyona inkinga enkulu ngoba sebebeke ithemba kuNtsikelelo Nxadi noThabani Zuke abazoyibamba emuva.
“Besithukile ngokulahlekelwa uSibisi kodwa sengiyakhumbula ukuthi udlale kowodwa umdlalo ngesizini ephelile sekuzogoqwa iligi. Wadlala sibhekene neSundowns, nakhona waphuma elimele, saqala lapho ukusebenzisa uNxadi noZuke emuva.
Ukulahlekelwa uSibisi akuthusi ngoba uNxadi ukhula njalo, siyamethemba,” kusho uVilakazi.