Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi uthathe isinqumo sokubeka uNjabulo Blom ebhentshini ngoba eshaye udaka emdlalweni odlule weRoyal AM eyabashaya ngo 1-0 eChartsworth Stadium.
UZwane ubekhuluma ngemuva komdlalo weDSTV Premiership ophele ngo 3-0 kuwina iChiefs ebidlala neMaritzburg United eFNB Stadium ngoLwesibili.
IChiefs yenze izinguquko ezimbili kuphela esikimini, uDillan Solomons ungene endaweni kaBlom, uGeorge Matlou wangena esikhaleni sikaCole Alexander.
UZwane uthi ukuqina kwabadlali esikwatini seChiefs yikhona okubeke uBlom ebhentshini ngoba uphinde washaya udaka emdlalweni weRoyal AM.
“UNjabulo uyazi ukuthi ubhacazile emdlalweni ngokwezinga lakhe. Lokho Kuyenzeka ngisho kubadlali abasatshwayo emhlabeni.
Ngibatshele bonke abadlali ukuthi ngifuna ukukhanda isikwati esiqinile esizobanga ijezi. Akekho umuntu ozocabanga ukuthi unendawo yakhe emlindile esikimini. Bonke abadlali kufanele bazimisele.
Bonke abadlali kufanele bakhombise ukuthi bakulungele ukudlalela iqembu elikhulu njengeChiefs,” kubeka uZwane ekhuluma nabezindaba.
USolomons ushaye into ecokeme emdlalweni wakhe wokuqala kwiGlamour Boys. Ubeshoshela ngesivinini phambili, ephinde etholane kahle noKeagan Dolly noSiyethemba Sithebe.
“UNjabulo uyazi ukuthi uma ungazimiseli kuzokwenzakalani. Indawo ayidlalayo inombango oshubile, kukhona uReeve Frosler noSolomons odlale kahle namuhla. UNjabulo kufanele azimisele, bonke abadlali abanyuse amasokisi.
UKgaogelo Sekgota ungene esiwombeni sesibili wenza umnyakazo. Usinikeze ebesikulindele kuye. Umbango wejezi ushubile, konke kuqala ejimini,” kusho uZwane.