Oyiphini likamqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uSteve Komphela akakuboni okubi ngengcindezi efakelwa iqembu ngoba igqugquzela ukungehli kwezinga eqenjini.
UKomphela ukhuze ibuya emasontweni amathathu adlule kulandela ukuxoshwa kukaRulani Mokwena. IDowns iqashe uRoman Folz ozoba ngelinye lamaphini elizosebenzisana nenhloko yabaqeqeshi uManqoba Mngqithi.
Kulindelwe okukhulu kulelithimba elisha njengoba uRulani waxoshelwa ukuhluleka ukunqoba iCAF Champions League ngesizini edlule.
UKomphela uthi kulindelwe okukhulu eqenjini njengoba kulungiselelwa isizini entsha.
“Kufanele sizijwayele ngokushesha izinguquko ukuze iqembu lizoshaya into ecokeme enkundleni. Sengibuya okwesibili ethimbeni labaqeqeshi.
“Ngiyakhumbula sizithola singaphansi kwengcindezi ngoba sihluliwe komunye umdlalo. Sadlala ibhola elihle kodwa ingcindezi yanyuka kunjalo. Angiboni kuyinto embi leyo. Lengcindezi eyokugqugquzela iqembu ukuze lingawehlisi umgqigqo,” kuchaza uKomphela ekhuluma kwiPitchside Podcast yeqembu.
IDowns, enqobe isicoco seligi ne-African Football League (AFL) ngesizini edlule, ingaphansi kwengcindezi yokuqhubeka nokushanela izindebe kuPremier Soccer League (PSL).
UKomphela uthi izikhulu zeqembu nabalandeli balokhu beyifake njalo ingcindezi.
“Akubona abalandeli kuphela. Izikhulu zeqembu zifuna ukubona imiphumela emihle. Siphoqelekile ukunyusa izinga,” kubeka uKomphela.
IDowns iwukudla kwenduku ekhempini eyibambe e-Austria njengoba iqhuba amalungiselelo esizini ka-2024-25. AmaBrazilians ahlulwe yiSV Sandhausen yaseGermany, aphindwa yiDynamo Kiev ngesibhaxu emdlalweni wesibili.