Isekela labaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uSteve Komphela ugxeke abadlali be-Al Ahly abakhumule imigexo yesiliva esiteji njengoba beshaywe iWydad Casablanca emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League.

I-Ahly bayixebule ngo 2-0 eStade Mohamed V Stadium, kwashabala iphupho lokuqukula iChampions League ihlandla lesithathu kulandelana.

Ukuphoxeka be kubhalwe emehlweni kubadlali be-Ahly, abaningi bavele bayigumula imigexo besanda kuyithola esiteji.

Lesenzo sabadlali ne-Ahly asimphathanga kahle uKomphela.

“Kuyanyanyisa ukubona ukubona abadlali begumula imigexo. Kufana nokudelela ukwenza lokhu. Kukhombisa ukungahloniphi, ukungaziphathi kahle. Kufanele uziphathe ngendlela ehloniphekile enesizotha noma ungaphathekile kahle. Kuyadabukisa impela,” kubeka uKomphela kuTwitter.

Abalandeli baphendulile, bamtshela ukuthi ngisho nezihlabani zebhola oLionel Messi noCristiano Ronaldo bayakwenza lokhu. UKomphela ume ezwini lakhe, wathi lesenzo sikhombisa ukudelela izimbangi zakho.

“Ngiyakuzwa baba. Angeke sivumele ukudelela ngoba kuyenziwa emhlabeni. Namanje ngisasho ukuthi kufana nokungahloniphi. Akufanele siyijwayele lento. Ngiyazwelana nokuphoxeka kwabadlali kodwa kufanele bakhombise inhlonipho,” kusho uKomphela.